Kunzima kumlingisi weGenerations olunywe yizinja
KUBONWA ngokusa kumlingisi weGenerations: The Legacy onephunwe yizinja eziyingozi ama-pitbull.
UMondli Thusi odlala indawo ka-Isaac ungeniswe esibhedlela iTambo Memorial kuvalwe amehlo ngoMsombuluko owedlule.
Ngokwemithombo, uThusi waba neshwa lokuhlaselwa yilezi zinja eziyingozi ezihambela emgwaqeni ntambama sekuqala ukuhwalala.
” Zamluma kabi zingamnike thuba. Ngendlela ayopha ngayo igazi lalixhaza yonke indawo kubonakala ukuthi zimfuna efile,” kusho umthombo.
Uqhube wathi nakuba eselale isonto lonke esibhedlela futhi eqashwe ngelokhozi kodwa kusekubi.
Ethintwa uThusi usiqinisekisile isigameko.
” Kuyiqiniso ukuthi ngilinyazwe yizinja, ngisasesibhedlela angikakwazi ukukhuluma kahle,” esho ngamafuphi.
Icala livuliwe esiteshini samaphoyisa eBoksburg ngalesi sehlakalo.Â

