EzemidlaloIzindaba

AbaseMandeni nengcindezi yokulwa kahle

BATHEMBISA ukungaphoxi abantu bangakubo oMisiwe Ndlovu noKhanyisani Mbokazi njengoba benezimpi ezimqoka ngoMgqibelo ozayo eSibusisiwe Hall eMandeni.

Ngemuva kokulwa kude nekhaya-sebelwe eThekwini, eMooi River ngisho naseGoli imbala-bazobe belwa okokuqala eMandeni njengoba bebeswele umuntu ozobaqhathela ngakhona.

Ukufika kukaphromotha omusha uDkt Nompumelelo Nkosi-Ntombela bakufanisa njengokufika koMsamariya olungileyo endaweni njengoba ebaqhathile kumqhudelwano wakhe wokuqala.

UMisiwe uzoxhimfana noNolwazi Mabaso empini enkulu yosuku yesicoco sabesifazane se-KZN Featherweight ehlelelwe imizuliswano eyishumi.

UMbokazi yena uhlalelwe umqansa wokushaya uTholomuzi Ngema empini yesisindo se-junior featherweight imizuliswano eyisishiyagalombili.

Umakadebona womqeqeshi u-Alson Nkosi utshele uveze ukuthi njengoba uMisiwe noMbokazi sebengaphansi kwakhe, ubabona sebezelwe kabusha.

“UMisiwe noKhanyisani bangamabhokisa aphiwe ngobuhlakani futhi selokhu ngiqale ukusebenza nawo besuka kwamanye amajimu, sebengihlabe kakhulu umxhwele.

“Ngibabona bezohamba elide ibanga kulo mdlalo.

“Ukwenza kahle kwabo eringini ngifuna kugqugquzele intsha yasendaweni nasesiFundeni sonkana ukuthi izibandakanye nesibhakela nezemidlalo jikelele.

“Njengoba bezolwa bebukwa imindeni yabo nabangani, bangithembise ukuthi abafuni ukuphoxa eringini,” kusho lo mnikazi weMandeni Boxing Club.

Ephawula ngomqhudelwano wakhe wokuqala ngakubo, uDkt Nkosi-Ntombela uthe: “Engikuhlose kakhulu ngalo mqhudelwano ukwenza umehluko emphakathini, ingakho sizofuqa umkhankaso we-GBV edla lubi emphakathini.”

Uqhube wathi inhlangano yakhe engenzi nzuzo, iKZN Youth Crime Prevention Desk neKZN Community Policing Board ubambisene kahle njengoba ebenzisana nabo kakhulu futhi nokuyinto ayibonga kakhulu.

“Okunye esifuna ukukugxisha entsheni ukuthi ibone ukuthi ezemidlalo zingafeza amaphupho azo, zigwemeke nasekuzithola sezingena ezidakamizweni.

“Kungenwa mahhala ngoMgqibelo ingakho simema imindeni iphume ngobuningi izokweseka ikhono lentsha yazo.”