Abagajiwe kwiBafana bazondiziswa
UNgqongqoshe wezeMidlalo uGayton McKenzie umemezele ukuthi abadlali abayisithupha abagabheke ekugcineni ukungena kwiBafana Bafana eyodlala kwiNdebe Yomhlaba, bazohamba beyobuka umdlalo wokuvula neMexico ngoJune 11.
UMcKenzie umemezele ukuthi unozinti uBrandon Petersen, Brooklyn Poggenpoel, Patrick Maswanganyi noLebohang Maboe, noThabiso Monyane noThapelo Morena, bazondiziswa ukuyobuka lo mdlalo oseStadio Azteca.
Kube nokuzwela kwabaningi ngesikhathi laba badlali begajwa kanti uMcKenzie uthe ukuthatha isinqumo sokubandizisa ingoba kumele baqonde ukuthi baseyingxenye yeqembu lesizwe langomuso.
Lezi zindaba zikaMcKeinze ziqhamuke abantu besathuthumele ngenxa yesenzo sobuhlathi be-SA Football Association (Safa) ehluleke ukulungisa indaba ye-visa njengoba iqembu lingakwazanga ukuhamba ngempelasonto.
Nokho sekuvele ukuthi konke sekuqondile.

