EzokokungcebelekaIzindaba

Ingena ingenile imiyalezo eyeseka uL’vovo

ININGI labalandeli besihlabani somculi uL’vovo liqoke ukwelula isandla kulandela ukuzwa ingxoxo yakhe emsakazweni iGagasi FM.

UL’vovo odabuka eNewcastle nowazakhela udumo ngezingoma okubalwa kuzoba Bayang’sukela, uvule isifuba ekhuluma ngempilo yakhe nezingqinamba abhekene nazo empilweni.

Engxoxweni kaL’vovo noLinda “Mr Magic” Sibiya kwiSunday Devotion ukhulume kabanzi ngozi yemoto eyamehlela nomshophi wokushaywa yisifo sohlangothi.

Okunye akuvezile wukuthi usebenzisa isandla esisondwa manje kanti lokhu kuyamkhubaza ekusebenzeni ngokugcwele futhi uma ezama ukunandisa esteji uyashesha ukukhathala.

” Lezi zinkinga enginazo zidala ukuthi ngibhekane nezinselele uma ngosebenza njengoba ngiwumuntu obaziwa ngokukhuthala. Manje sengishesha ngikhathale,” kubeka uL’vovo.

Nakuba engazange azicelele ukuba umphakathi welule isandla, kodwa ugazi nothando abaningi abanalo lwale nsizwa selusukumiose iningi lahlela umbhidlango wokumnikelela ngenhloso yokumhlangabeza.

Iningi losaziwayo okubalwa kubona uYenzi Ndimande ovela njengosekhaleni lwalo mkhankaso,likubeke kwacaca ukuthi lokhu abakwenzayo kusuka ekujuleni kwezinhliziyo zabo ukuze akwazi ukuhlangabezana nezindleko zokuzelapha.