Injabulo umasipala uhlinzekwa ngezinsiza
Kube injabulo yodwa kumphakathi ongaphansi kukamasipala waseNdumeni uhlinzekelwa ngezinsiza zokusebenza ngaphansi kohlelo i-IDP/ Budget Roadshow obusenkundleni yamahhashi ngoLwesibili.
Lapha kuhlomule osomabhizinisi abasafufusa abangu-16 abasemikhakheni yezemfuyo, ezokuthunga, ezokugunda utshani nezobuchwepheshe.
Uhlelo luvulwe ngegiya eliphezulu yiSekela Meya yezoMnyango wezokuThutha uMkhuleko Hlengwa nokubambisana nemeya yaseNdumeni uMncedi Mkhize.
Laba bethule emphakathini umacekece kagandaganda neloli yamanzi ekulindeleke kwenze omkhulu umehluko ekulungiseni imigwaqo nokuhambisa amanzi emphakathini.
UHlengwa udonse umphakathi ngendlebe ngokuthi kumele ungazilimazi izinsiza zokusebenza.
Imeya ibonge umphakathi ngokubamba iqhaza ngokuzihlanganisa nemihlangano yamawadi lapho kuvela kahle zonke izinselelo obhekene nazo.
Ejeqeza emuva selokhu angena ehhovisi lobumeya, uMkhize uthe weneme ngegxathu asebelihambile ekulungiseni imigwaqo.
Yize kunjalo kodwa uthe isikweletu esibalelwa ngaphezu kukaR30 million sisabakhathaza.
IMeya uMkhize wenxuse izakhamizi ukuthi zikukhuthalele ukukholela ama-rates njengoba bengumasipala omncane bakhangeza isabelo mali esincane.

