Izindaba

Kusolwa owesifazane ngokunquma izingane zakhe

AMAPHOYISA  asebophe owesifazane waseNewcastle ngezinsolo zokunquma abulale izingane zakhe.


Lo wesifazane oneminyaka ewu-25 kuthiwa ugile lesi sehlo maqede wafonela uyise wezingane ohlala eThekwini, emazisa ngasekwenzile.


Nakuba kunjalo kodwa asikaziwa isizathu esiholele ekutheni enze lokhu asolwa ngakho.


Kuthiwa uyise wezingane uvele waphithanelwa yikhanda wafonela isihlobo salona wesifazane wasicela ukuthi siphuthume endlini. 


Kuvela ukuthi isihlobo sizithele phezu kwezidumbu zezingane zidindilizile ekamelweni lokulala, kodwa unina esecele empunzini.


Kutholwe imimese emibili enegazi ngaphansi kombhede. 


Amaphoyisa alandele umkhondo walo wesifazane komunye umuzi eMadadeni. 


Unina wwezingane utholwe enenxeba entanyeni esezibophe ngebhandishi, nokusolakala ukuthi uzilimaze yena.