EzokokungcebelekaIzindaba

Belicokeme izinga lowengoma esigodini kwaShale

BEKUSINDWE ngobethole emcimbini wengoma edume ngokuthi iHlahla esigodini sakwaShale ngaphansi kwenkosi uMthimude ePort Shepstone ngempelasonto yePhasika.

Bekushunqa uthuli nokuhlabelela kunanela izinkalo njengoba amaqembu ahlukahlukene abesina ededelana, kungekho engafuni ukushiya izethameli zibheme zakholwa.

Ngokusho kwesekela meya yaseRay Nkonyeni uKhansela uSibusiso Shange kulo nyaka babone izinga lenyuke kakhulu njengoba kufike namaqembu akwezinye izizwe ezingomakhelwane.

“Ayichazeki into esiyibone kule ngoma yalo nyaka njengoba bebalelwa ku-3000 abahambele lo mcimbi.

“Liyakhula izinga njengoba sibone kutheleka abantu besizwe sakwaCele, abakwaMachi nabakwaNyuswa bonke abafike nezinduna zabo. Abantu bazitike ngokudla nokuphuzwayo njengoba kugingqwe izinkomo ezimbili. Lokhu kuyayithoba inhliziyo yami kwazise lolu hlelo ngalusungula ngingena esikhundleni ngo 2022,” kusho uShange.

Uveze ukuthi abasuke bedlana imilala kule ngoma baphakamisa ukuthi kungabekwa isiteki ukuze kugwemeke ukulwa okuvamise ukuhambisana nemicimbi esuke inemali.

“Okumqoka kuthina njengabaholi bomphakathi ukubona abantu bakithi behlala ndawonye ngokujabula kwakheke ubuhlobo obuzothuthukisa umuntu omnyama. Likhulu futhi lihle ikhono elikhonjiswa izinsizwa nezintombi  kule ngoma yangakithi,” kuvala uDumakude.

Buka I-video