Izindaba

Bathelwe othulini ‘ababulala’ iphoyisa eNanda

AMAPHOYISA asethele othulini abasolwa abathathu ebrijini elikuM25 ngaseBridge City eNanda.

Ngokombiko osavele laba basolwa abathathu kukholakala ukuthi bayamaniswa nesehlakalo esenzeke nyakenye sokubulawa kwephoyisa elalizobheka intombi yalo khona eNanda ngesikhathi zasebusuku.

Kulesi sigameko kubikwa ukuthi abasolwa badubulane namaphoyisa kwashona ababili kwathi amaphoyisa asinda.

Kulesi sehlakalo kutholakale izibhamu ezimbili kubasolwa obekubambisene khona izinhlaka zamaphoyisa ezahlukene.

Lolu wudaba oluqhubekayo njengoba namaphoyisa esaphenya.