Izindaba

Ubufakazi obushaqisayo kwekaMadlanga ngomfama owathunjwa

AMAPHOYISA athola ishidi elimhlophe elidabukile, elibonakala kumavidiyo esabalele ekhombisa usomabhizinisi othunjiwe esesimweni esinzima.

Lezi zindaba ezishaqise abaningi zivezwe nguFakazi wesithathu ophinda abe ngumphenyi ngoJerry Boshoga owathunjwa.

UFakazi uthe lamashidi ayesendlini engemuva emzini kaVusi “Cat” Matlala ngesikhathi kuseshwa ngoDisemba.

Umphenyi wezobunhloli bamaphoyisa uthe: “Ishidi elimhlophe lihlukile ngoba kwenye yamavidiyo athunyelwe emndenini kaBoshoga, kwakukhona ishidi elimhlophe elifana nelisendlini kaMatlala.”

UBoshogo wathunjwa eCenturion ngoNovember ngonyaka odlule futhi akakatholakali namanje.


Lobu bufakazi buzwakale kwiKhomishini kaMadlanga.