Kuzoshunqa uthuli kugabadula amahhashi entabeni yakwaShembe
BATHEMBISA ukwenyusa izinga abahleli be-Ilembe Mtelebhelo Horse ebhekwe ngamehlo njengoba ihlelelwe ukuba seKhenana Mountain eNdwedwe ngeSonto.
Kuzobe kungunyaka wesibili lo mqhudelwano wamahhashi uhlelwa kule ntaba edume ngokukhonzela amakholwa ebandla lakwaShembe njalo ngoJanuary.
Alibanga phezulu izinga kowangonyaka odlule ngenxa yezingqinamba eziningi kodwa abawuhambela umjaho bakuveza ukuthi bakuthokozela ukubona amahhashi egabavula kwashunqa uthuli.
 UNobhala we Ilembe Mtelebhelo Horse Association uThandeka Khuzwayo uthe konke sekumi ngomumo, wathi lomjaho bafuna ube sezingeni lemijaho efana nalowo obizwa ngeDundee July, kodwa abakubheke kakhulu ukuthuthukiswa komnotho wakulendawo nokuthuthukiswa komtelebhelo njengoba lendawo isezabelweni futhi ingamakhaya kakhulu.
Uqhube wathi okubajabulisayo ukuthi osomabhizinisi abakhele lendawo bazohlomula kakhulu ngokudayisa ukudla njengoba zingekho izitolo entabeni.Â
Umeme nalabo abaziphilisa ngokudayisa izinto zokugqoka zesintu ukuba bafike ngobuningi ngoba bazolala kukhona abakucoshile.
Enanela ngokuthuthuka kwezomnotho okuzodalwa ilomjaho uKhansela Nzuzo Chamane uthe bona njengomkhandlu bazotshala izimali zokuqinisekisa ukuthi izinga liyanyuka kakhulu njengoba ezikuthutha ezikaqeda isizungu, ukudla nokunye okuzobe kwenziwa kuzobe kuyela ezingeni leDurban July
UZwelibanzi Cele noyimeneja yeYouth Art Culture and Sport kuMasipala iLembe unxenxe abantu abakhulele kulendawo yaseNdwedwe asebahamba ukuthi ababuye bazoxhasa lomjaho babambe neqhaza kwezomnotho.
Uqhube wathi osomabhizinisi abathenge amahhashi ukuze kuthi labo abaphumelelayo baqhubeke bayomela lomkhundlu kweminye imijaho ebanjelwa kwezinye izindawo besebenzisa amahhashi abo uqobo.
UKhuzwayo uvale ngokuveza ukuthi bazomemezela inani lemihlomulo uma sebeqede izingxoxo nabaxhasi.
Uthe ompetha banyakenye njengoShayizandla owanqoba esigabeni sabesifazane, u-Abantu Abakholwa owanqoba umjaho omkhulu wosuku, bazobuya bezovikela ubungqwele babo.
Wethembise nokuthi ubumnandi buzobe buhamba phambili njengoba bebophele ulozolo lwamaciko azojuxuzisa abazohambela lo mcimbi.

