Injabulo umsakazi enikela ngenkomo
AWAWUVALI umlomo amakholwa abehambele inkonzo yePhasika ngenxa yomnikelo owenziwe ngumsakazi osanda kuxoshwa kuKhozi FM.
ULucky Nkosi ushiye amakholwa ebandla i-Uniting Reformed Church ebiyaziwa ngokuthi Dutch Reformed Church eMowatt Park High School, ejabule ngomnikelo wenkomo.
UNkosi uphawule wathi: ” Ngibuke konke uNkulunkulu angenzele khona ngabona sengathi kuncane ukumbonga kwami.
“Okwesibili bengikhathazeka uma sekufuneka kukhokhwe imali kaGood Friday kakhulukazi ngoba sinabantu abadala abangasakwazi ukufinyelela enkonzweni ngenxa yezindleko.
“Ngakho ke ngfisa sifike lapho ngelinye ilanga siyomema abantu beze enkonzweni ngemali encane noma bangakhokhi nhlobo,” kusho uNkosi.
Uqhube wathi uma nje esaphila uzoqhubeka okukwenza lokhu.
“Angithengi izibusiso kodwa Ngibonga izibusiso,” Kusho uNkosi.
UNkosi, obesesakaze iminyaka engaphezulu Kuka 15 oKhozini FM, ungomunye wabangabuyiselwanga kuKHozi FM njengoba bekunezinguquko.
Uzakhele igama ngezinhlelo zezimpelasonto zomculo wamakhwaya nezingoma ezingasoze zabuna.
