Kuboshwe oweMK Party ngelokufa kwekhansela le-DA
UMSOLWA wesihlanu ecaleni lokubulawa ngesihluku kowayenguSotswebhu Omkhulu waseMngeni neKhansela leqembu iDA, uNhlalayenza Ndlovu uvele phambi kweNkantolo yeMantshi yaseHowick namuhla.
UManelisi Zuma (44), uboshwe eMpophomeni ngempelasonto amaphoyisa ophiko olulwa nokubulawa kwabezepolitiki.
Ubhekene namacala amabili okungelokwakha uzungu lokubulala nokubulala.
Icala lihlehliselwe uMsombukulo ozayo ukuze afake isicelo sebheyili, kanti umsolwa uzohlala esitokisini kuze kube yileso sikhathi.
UZuma (osesithombeni) uyaziwa kwezepolitiki njengoba eyilungu lokuqina loMkhonto WeSizwe Party khona eMngeni.
Kubikwa ukuthi uZuma wayesondelene kakhulu neInduna esiphenduke ufakazi woMbuso kusukela lapho.
Amalungu obuholi be-MK Party bendawo abekhona enkantolo ngesikhathi sokuvela kwanamuhla.

