Izindaba

Kufe obefunelwa elokubulala inyanga yakwaMhlabuyalingana

USEKOBANDAYO obefunwa uthuli amaphoyisa aKwaZulu-Natal ngezinsolo zokuthinteka ekubulaweni ngesihluku kwenyanga yakwaMhlabuyalingana kanye nowayeyisishoshovu esasilwa nobugebengu.

Ngokusho kwamaphoyisa, uSifiso “Coach” Malwane ubefunwa mayelana nokubulawa kwesishoshovu esilwa nobugebengu uJuda Mthethwa nenyanga uJames Godolulalamankankane Mthembu.


Ngokombiko wamaphoyisa, “ UMalwane nomfowabo kuthiwa bagasele emzini womuntu bazama ukuduna imoto bephethe izibhamu bafuna okhiye bemoto kumnikazi womuzi.” 


Kubikwa ukuthi isisulu sizwe kunikusolisayo sahosha isibhamu saso sakwazi ukudubula abasolwa sizivikela. 


Kubikwa ukuthi kulapho umufi edutshulwe walimala kodwa wakwazi ukubaleka endaweni yesehlakalo.

NgoMsombuluko, ngo-April 20, amalungu e-Emanguzi Cross Border Intervention Team ancinzwe ngolwazi mayelana nesidumbu esilahliwe somuntu eMgodiwemvubu ngeSonto ebusuku. 

Uphenyo luveze ukuthi isidumbu sasingesikaMalwane kanti kukholakala ukuthi wangcwatshwa ehlathini wumfowabo uMusa Malwane.

UMusa naye uvele ufunwa amaphoyisa ngamacala okubulala nobugebengu..

Ngemuva kwezinqubo ezilandelayo, isidumbu sikaSifiso sambiwa futhi uphenyo luyaqhubeka.

Ukuthungathwa kukaMusa Malwane kuyaqhubeka futhi icala lokwephula imikhawulo yobulungiswa cishe lizongezwa ohlwini olude lwabasolwa bakhe abanobudlova. ubugebengu.