USjava usengena kwezengqephu
ISIHLABANI somculi simemezele ukuthisesingena kwezengqephu.
USjava odume ngezingoma ezigadla ngomlayezo onenkosi phakathi, uveze lezi zindaba ngesikhathi esohlelweni lukaT bo Tiuch kuMetro FM.
USjava udalule ukuthi kungekudala uzokwethula uhla lwama-vesti amabhinca.
Ngesikhathi echaza kabazi uthe okwamanje akakaliqambi igama lelebuli nokuthi lo mswenko wakhe wam-vesti azobizwa ngani.
” Okwamanje angikazi ukuthi lama-vesti ngizowabiza ngaliphi igama kodwa ngivulelekile eziphakamisweni,” usho kanje.
Ngesikhathi exoxa noTouch, uphinde wakhuluma nge-albhamu yakhe yakamuva esihloko sithi Inkanyezi Nenkayezi, uthe kwakuyidokhumentari.
“Uma ubulokhu ulandela umculo wami, uzoqonda ukuthi ngizama ngazo zonke izindlela ukuba nobuciko futhi nginike abalandeli bami umculo lapho abantu bezoxhumana khona.Â
” Abantu abaningi abazi ukuthi angibhali nje kuphela kodwa ngizama kanzima ukudala nokudala futhi nginikeze lokho abalandeli bami abangaxhumana nakho,” esho.
