Izindaba

Uvele enkantolo ogwaze owesifazane amanxeba awu-46

UVELE phambi kwenkantolo yemantshi eThekwini umfundisi odabuka eBurundi osolwa ngokugwaza owesifazane amahlandla angu-46.


UNomthandazo Mbhele ongudadewabo kasomahlaya uPastor Mjosty usinde ngokulambisa egwazwa yile nceku ephinde ibe yisoka lakhe ngenxa nje yokuthi uMjosty ucheme neMarch and March.


Umsolwa uFulgence Nimubona (34) uthweswe icala lokuzama ukubulala uNomthandazo nendodakazi yakhe nayo elimale kanzima. 


Ephawula ngesi sehlakalo uMjosty, uthe basola ukuthi umsolwa udinwe wukuthi yena weseka iMarch and March esematheni ngokufudukisa abokufika kuleli.


” Silimele kakhulu ngokusehlele kodwa sinethemba lokuthi ingalo yomthetho izokwenza okufanele,” kusho uMjosty.


Umsolwa ubhekene necala lokuzama ukubulala nelokuba kuleli ngokungekho emthethweni.