Izindaba

Kuboshwe isikhulu samaphoyisa ngohide lwamacala

SELIKHALELWE ngamasongo kaSigonyela  iPhini leNhloko yoMnyango wamaPhoyisa kaMasipala wase-Ekurhuleni (EMPD)  elisamisiwe emsebenzini.

UBrigadier Julius Mkhwanazi (50) uboshwe ngoMgqibelo ekuseni emzini wakhe oseGauteng ngamacala okukhwabanisa, inkohlakalo, nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. 

Ukuboshwa kwakhe, okwenziwe yithimba le-SAPS Madlanga Commission Task Team, kulandela ubufakazi bakhe abethule phambi kweKhomishana kaMadlanga.

Kulapho ebhekane khona nemibuzo enzima ngezinsolo zokungaziphathi kahle ngaphakathi kwi-EMPD. 

UMkhwanazi wamiswa ngoNovember wanyakenye ngemuva kokuba ucwaningo lwangaphakathi kanye nobufakazi bekhomishana bumhlanganisa nokungahambi kahle, okuhlanganisa ukuxhumana okungabazekayo nosomabhizinisi uVusimuzi “Cat” Matlala kanye nenkampani yakhe yonogada, iCAT VIP Protection. 

Okhulumela amaphoyisa u-Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukuthi uphenyo ngenkohlakalo engaphakathi kwi-EMPD lusaqhubeka, iziphathimandla zifuna abanye abasolwa. 

UMkhwanazi kulindeleke avele enkantolo ngoMbombuluko.