EzomhlabaIzindaba

Athwele kanzima amaBhunu afuduleke eMelika

ABHEKENE nobunzima amaBhunu ashiya elakuleli afudukela eMelika.


Lezi zindaba zivele ngemuva kophenyo olunzulu lweFree Press oludalule ukuthi athwele idombolo eliconsa co amabhunu afuduka ngaphasi komlayelo kamengameli wase-USA uDonald Trump.


Ngesikhathi laba befuduka lapha eNingizimu Afrika, baveza ukuthi babaleka ngenxa yokubhujiswa kwamabhunu nokuyinto uhulumeni wakuleli oyiphikayo.

Uphenyo lwe-Free Press luchaza ukuthi lama bhunu afisa ngisho ukubuyela kuleli ngenxa yenhlalo engeyinhle.

Phakathi kwezinselelo ababhekene nazo wukungayitholi imisebenzi ababethenjiswe yona.

Intatheli ibike ukuthi laba bafuduki bakhala ngokuthi balokhu beqube kuma- motel nokuyilapho bekhokha khona njalo ngenyanga njengoba bengakabi namizi yabo abayithenjiswa.


Okunye abakhala ngakho amakhaza ashubisa umklatsha kanti abamajazi afudumalayo nawo ababewathenjisiwe.


Kumanje baphila ngemali yesibonelelo negcina iphelele ezandleni ngenxa yezindleko eziphezulu.

Le ndaba iyisifinyezo sokuthunyelwe ku-X futhi ingase iguquke ngokuhamba kwesikhathi. UGrok angenza amaphutha,