Izindaba

Zibakhalele abasolwa ngokugqekeza nokutapa eHammarsdale

BAQUQUDWA amakhaza abahlanu ababoshwe amaphoyisa kulandela izinsolo zokugqekeza nokweba esitolo sowokufika e-unit 4 eWoody Glen eHammarsdale.


Lesi sigameko senzeke entathakusa yanamuhla ngoLwesibili.Oyedwa umsolwa uboshwe ngaphakathi kwesitolo kanti laba abane baboshwe bezama ukubaleka. 


Umbiko wamaphoyisa uthi abasolwa baneminyaka ephakathi kuka-14 no-27 ubudala, bazobekwa icala lokulimaza kabi impahla kanye nokugqekeza amabhizinisi. 

Abasolwa futhi bazovela enkantolo yendawo maduze.

Amaphoyisa KwaZulu-Natal anxusa izakhamuzi ezizomasha ukuthi ziyeke izenzo zobudlova, ubugebengu nokwesabisa. 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *