Izindaba

UMchunu ugxeka inkosi esolwa ngokudlwengula

IVELA kusasa phambi kwenkantolo inkosi esolwa ngokudlwengula.

Ngokombiko wamaphoyisa, kuboshwe inkosi (54) yakwaBhidla ngaphansi kukamasipala iHarry Gwala ngeyazinsolo zokuphoqa ocansini owesifazane oneminyaka engu-18.

Imibiko iveza ukuthi umsolwa ugibeze emotweni yakhe emotweni yakhe endaweni yaseGqumeni.

Kuthe uma sekufika isikhathi sokumehlisa ummangalelwa wenqaba. 

Kunalokho wamyisa endaweni eyihlane lapho esolwa khona ngokuyidlwengula.

Lesi sehlakalo senzeke ngo-May 4 kulo nyaka.

Umsolwa uke wavela kafushane okokuqala 

eNkantolo yeMantshi yaseHlanganani ngoLwesihlanu 

Umsolwa ugcinwe esitokisini kuze kube kusasa lapho kulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili ngokusemthethweni.


Lesi senzo sigxekwe uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu.