Izindaba

Lisesibhedlela iphoyisa elisolwa ngokufa kwelinye ebelithandana nalo

ESIGAMEKWENI esishaqisayo iphoyisa libulale isithandwa salo naso ebesiyiphoyisa eMpumalanga Township eHammarsdale.


Ngokombiko, lamaphoyisa abesothandweni oluvuthayo futhi esebenza esiteshini esisodwa elokishini eMpumalanga Township.

Amaphoyisa aveze ukuthi iphoyisa lesifazane belisekhefini futhi lisendlini kamsolwa wesilisa nokuyilapho lishonele khona.

Umsolwa oyisoka likamufi uphuthunyiswe esibhedlela ngenxa yokulimala esiswini, imbangela yokulimala ayikacaci kahle kanti kusaphenywa.

Kulotshwe isisusa salolu dlame singakaziwa kahle kodwa amaphoyisa ayaphenya.


Umsolwa ubeyiphoyisa elisebenza kwezobunhloli.