Liyabuya elenyanga yakwaMashu ebhekene nawokubulala
LIBUYELA ngoLwesihlanu enkantolo icala lenyanga yaKwaMashu esolwa ngokuba wungqondongqondo etulweni lokubulawa kwabantu eHammarsdale
UKhethukuthula Ncayiyana oboshwe yithimba lePKTT uvele kafushane phambi kwemantshi enkantolo yaseHammarsdale.
NgoLwesihlanu uNcayiyane uzobe ezofaka isicelo sebheyili, kanti kulindleke ukuthji umbuso usiphikise.
Umsolwa ubhekene nezinsolo zokuba ngungqondongqondo emacaleni enzeka ngo-2020 nokuyilapho kwabulawa khona ilungu le-ANCYL uThamsanqa Kingdom Gcabashe kanye namaphoyisa amabili akwaMetro uLindokuhle Madonsela noNdumiso Thusi.
Abammeli baNcayiyana banqabile ukuthi izintatheli zishuthe enkantolo.

