Zimapeketwane izinto kwizikole zabaphila nokukhubazeka eKZN
SEBEGQEMEKE olungeqiwa ntwala abafundi abaphila nokukhubazeka kulandela ukumiswa nokuvalwa thanqa kwezikole zabo KwaZulu-Natal.
Izikole ezingu-76 KwaZulu-Natal seziyalelwe ukuthi zimise ukusebenza kwazo noma zivalwe ngokuphelele ngenxa yokwehluleka koMnyango wezeMfundo ukuzikhokhela imali ukuze ziqhubeke nokusebenza.
Ngokusho kwelungu lePhalamende leDA esiShayamthetho sesifundazwe, uMnuz Sakhile Mngadi, zonke izikole zabantwana abaphila nokukhubazeka zithintekile.
Phakathi kwezikole ezishayeke kakhulu kakhulu kubalwa iTruro Prevocational School eChatsworth esesivele yavalwa.
INingizimu Special School eThekwini ivezwa njengedonsa kanzima ukuhlangabezana nezidingongqangi kanti iSikhwezi Special School eRichards Bay esiphoqeleke ukuthi sivalwe ngenxa yesimo esinzima sezimali, othisha abangaholi kanye nokungaphumeleli kwezinsiza.
