Izindaba

Kufunwa obhekene nohide lwamacala awu-21

AMAPHOYISA aphansi phezulu athungatha umsolwa oswuqweqwe lomphangi oluhlalise kabi umphakathi eVhembe District.


UTafara Mususu Musekwa (26) odabuka eZimbabwe (osesithombeni) ubhekene namacala angu-21 okuphanga emizini yabantu.

Isehlakalo sakamuva okusolwa kusona umsolwa senzeke ngentathakusa kaJune 3 kulonyaka.


Kulapho isisulu sowesifazane sasilele sodwa ekhaya laso eMavambe Village, eKingsview Section kwagulukudela abasolwa abasolwa abathathu endlini lapho abasolwa besilisa abathathu abangaziwa bengena ngenkani ngokuphula umnyango.


Abasolwa bafuna imali namaselula kulo wesifazane kodwa wabatshela ukuthi abanawo.


Laba abathathu batapa izingubo, ibhethri yelanga kanye ne-inverter.

Ngemuva kwalesi sigameko, kwavulwa icala lokuphanga endlini eMalamulele Police Station ladluliselwa e-Provincial Murder and Robbery Unit.