Ingabe isishiphelene ngempela kuNgizwe noweMarch And March?
UNgizwe Mchunu (osesithombeni) usole umhloli uJacinta Ngobese-Zuma ngokusebenzisa yena noPhakelumthakathi Ndabandaba ukwakha ngempumelelo i-March and March Movement
UMchunu uthi laba bobabili baba nesandla ekukhuliseni lombhidlango odume ngokufudula abokufika.
Ekhuluma kwi-Â KZN Tonight Podcast, uMchunu uthe uJacinta ubasebenzise kuhle kwesitebhisi nokuthe uma esechwakele phezulu wasikhahlela.
Uthe ukudayiswa kwakhe benoNdabandaba kwenzeke ngemuva kokuthi uJacinta kade ebancenga uikuba bazosiza njengamadoda kwiMarch And March nalinganise ngokuthi ngaleso sikhathi yayenedlanzana labantu abalinganiselwa ku-20.
UMchunu uphinde waveza wenza izinsolo ezibhekise kuJacinta ukuthola imali azithole ngaphandle nangaphakathi kwaleli lizwe.
“Ngoba nakhu esebona ukuthi ukwesekwa yithi akusabalulekile useboa kukuhle ame yedwa, aqoqe labo bantu abaqoqayo adle nezimali azitholileyo. Kuningi engikwaziyo ukuthi uzitholephi, ngeke ngihambe ngikhuluma into engingayazi,” kusho uMchunu.
Nakuba esho kanje ngoJacinta, kodwa uNgizwe uthi unalo ithemba lokuthi ngelinye ilanga bayobuyisana noJacinta.

