Usomabhizinisi udalule izinsolo ngabamfuna efile
ISIKHUMUKANE sikasomabhizinisi sibhale iheheba lencwadi equkethe izinsolo zabafuna ukusibulala.
UCalvin Mathibeli wenkampani iCalvin And Family Group, udalule izinsolo zokuthi kunabahlela ukumbulala abasola ngokuthi bazokwenza lokhu maqede bathi udubule kuqala ebhekise emaphoyiseni.
” Kunezinhlelo zokunngibulala egameni lokuthi ” ngidubule kuqala ngibhekise emaphoyiseni”. Le yimizamo yokungisabisa nokulimaza igama lami ngaphambi kokuthi ngiyovela phambi kweKhomishii kaMadlanga,” kusho uMathibeli.
UMathibeli uqhube wathi umehluko phakathi kwakhe nalaba abasolayo wukuthi yena usebenza kanzima nangobuqotho akancikile emalini evela ezinkampanini ezisebenza embonini yezokuphepha nasemaphoyiseni.
Nakuba engalimisi ngesihloko igama lamsolayo kodwa incwadi ikhomba ukuthi ngosemandleni emaphoyiseni.
Lokhu kuhlale obala lapho ethi : “Ungumsebenzi wamaphoyisa nje ongumuntu othanda kakhulu abanikazi bamatekisi kanye nezinkampani zezokuphepha phakathi kwabanye abaningi.
” Angiphili ngemali evela ezigebengwini, izikhulu zikahulumeni nabezombusazwe, usho kanje .
Njengoba ushilo ukuthi “Ubunakekela ibhizinisi lakho eKZN” ukhuluma iqiniso. I-SAPS eKZN isibe yinto yakho nabanye yokwenza inzuzo isingafaniswa ne-Forex yakho ewuhlelo lokuceba ngokushesha.
Uqhube wathi : “Uma ucabanga ukuthi izinsongo nokwesabisa zizongithulisa, ushaye phansi. Ngeke ngihlukunyezwe egameni lamaphoyisa noma ngithuliswe.
” Ngimele iqiniso futhi ngikulungele ukulivikela. Okusekelwe eqinisweni futhi okuhambisana nenjongo kaNkulunkulu kuzoma,” usho kanje.
UMathibeli uthe ubethule iminyaka eminingi ngokuhlukunyezwa kodwa manje sekwanele.
