Owezindaba zomgosi ukhonjwa kwiMadlanga
ODUME ngokugobhoza izindaba zomgosi wosaziwayo angase ayokwethula ubufakazi kwiKhomishini kaMadlanga.
UMusa Khawula ohlezi esezindabeni ngenxa yokudedela amabhomu ezindaba zomgosi uveze ukuthi umenywe ukuba ayokwethula ubufakazi kule khomishini.
Ngesikhathi edalula lezi zindaba uMiusa, ukoishe igama likaNobhala Jikelele we-ANC uFikile Mbalula, usomabhizinisi uZe Nxumalo kwathi kamuva wafaka nelomholi we-EFF uJulius Malema,
Igama likaMusa selike lavela kuleKhomishini ngenxa yokuthi esikhathini esidlule wake wabika ngezinzolo ezishaqisayo ngoVusumuzi ‘Cat’ Matlala osematheni ngenxa yamacala kulezi zinsuku.
Kuyoa iKhomishini kuphinde kwavela izinsolo zokuthi iPhini likaNgqongqoshe Wamaphoyisa uCassel Mathale wacindezela amaphoyisa ukuthi abophe uMusa ngezinsolo ezithinta uMbalula kanye noNxumalo.
Kuzokhumbuleka ukuthi uMusa wake wabhala ngezinsolo zokuthi unkosikazi kaMbalula, uNozulo, noMichelle Perrow bayathinteka ezinsolweni zokukhwabanisa u-R150 million.
Okhulumela ikhomishini uJeremy Michaels wenqabile ukuqinisekisa uhlobo lokuxhumana kodwa akazange aphike ukuthi ukubandakanyeka kwenzeke.
” Sifisa ukukhuza futhi sikhuthaze bonke abantu ikhomishini exhumana nabo ukuba bahloniphe bagcine lokho kuyimfihlo,” kusho uMichaels.
