Uzinikele emaphoyiseni owodumo lokushayela edansa
UGCINE ezinikele emaphoyiseni omshayeli osematheni kulezi zinsuku ngokushaya amavosho ebe eshayela imoto.
Lo mshayeli wesilisa obefuwa uthuli amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uzinikele engalweni yomthetho ePinetown.
Ngokombiko wephephandaba iMDN News, lomlisa, uzinikele emahhovisi ezomgwaqo e-Road Traffic Inspectorate (RTI) ePinetown namuhla ngoLwesithathu.
Kulapho ehloywe khona imibuzo ngaboMnyango Wezokuthutha KwaZulu-Natal.
Umnyango uthe umshayeli ukhombise okukhulu ukuzisola.
” Kuvele ukuthi akabuphuzi utshwala futhi uzibophezele ekushitsheni indlela yokuziphatha,” kusho umbiko wamaphoyisa.
Lesi sigameko senzeke emgwaqweni womphakathi ngokwemigomo yoMthetho Kazwelonke Wezokuthutha Emgwaqweni 93 ka-1996.
Nakuba ehlonywe imibuzo kodwa akukho cala athweswe lona.

