Izindaba

Kuqhume umkikizo namakhwela kujatshulelwa ukufa kukaPutin

KUBIKWA ukuthi kuqhume umkikizo nobuviyoviyo bamakhwela ngenxa yenjabulo kuzwakala izindaba zokuthi uPutin obesatshiswa okwenyoka eMzomusha eNanda usedutshulwe wafa.

UPutin – ogama lakhe langempela alikaqinisekiswa (osesithombeni), kuthiwa ubengumholi weqembu lezigelekeqe iWest Gang edume ngesihluku nobugebengu kule ndawo.

Imibiko engakaqinisekiswa iveza ukuthi ukudutshulwa kwakhe kungenzeka ukuthi kuhlobene nokuqembukelana okudalwe wukungabonni ngaso linye nabanye abebengabangani naye ngaphambi kokuqembukelana kabili kweWest Gang.

Ngokwemithombo, umufi kuthiwa uhlaselwe ngamalungu eqembu eliphikisana naye.

Kuthiwa uPutin udutshulwe amahlandla amaningana.

Amaphoyisa aveze ukuthi aqale uphenyo mayelana nokudubula kodwa okwamanje akukho muntu oboshiwe ngesikhathi sokushicilela.

Iziphathimandla zinxuse noma ngubani onolwazi olungasiza ophenyweni ukuba eze phambili.