Ingqophamlando uMgungundlovu uhlonipha amaqhawe endawo
KUQOPHEKE umlando uMgungundlovu uchoma ngophaphe lwegwalagwala amaqhawe endawo emcimbini i-Legends Music Experience ibibanjelwe eCity Hall.
Kulapho amaciko nabadlali behlonishwe yiSifunda sase-UMgungundlovu ngamagalelo abo emikhakheni ehlukene yempilo.
Phakathi kwezinkakha zabadlali bebhola kuhlonishwe u-Andile ‘Sguda’ Cele, uMbulelo ‘OJ’ Mabizela, uBryce Moon noSandile ‘AK-47’ Ndlovu.Kuzokhumbuleka ukuthi inkakha enguMabizela ike yangukaputeni we-Orlando Pirates neBafana Bafana futhi wadlalela iTottenham Hotspur yaseNgilandi.
UMoon wadlala kwi-Uefa Champions League ngenkathi edlala eGreece kanti uNdlovu noCele babethandwa ngabalandeli beSundowns nePirates ngokulandelana.
Abanye abadumile abahlonishiwe kubalwa kubona umlingisi osezinze eHollywood uThuso Mbedu, uSbusi Jili osemkhakheni wokulingisa, uBrian Zuma noBhodloza Nzimande, uThemba Mokoena, uJoel Zuma, uVusi Ximba, uMvuselelo Buthelezi, uMfundisi uMakitaza, uDkt Gcina Mhlophe, uDkt Nakanjani Sibiya noBotsotso Mahlaba.
IMeya Yesifunda sase-Umgungundlovu uMzi Zuma utuse abahleli balo mcimbi futhi wazibophezela ukuthi uzoba umcimbi waminyaka yonke.
Unxuse abazoklonyeliswa ukuthi basebenzise amagama abo ukusiza ekunciphiseni udlame nokuthuthukisa imiphakathi yabo ngezemidlalo.

