Izindaba

Kufezeke isethembiso iMeya kaMasipala ithweswa iziqu

UKUBEKEZELA kuvune izithelo ezinhle kwiMeya yakuMasipala waseRichmond ethweswe iPostgraduate Diploma in Public Management eNyuvesi yasePretoria.


UMeya uMelikhaya Ngcongo, uthe ukuphothula ngempumelelo kwezifundo zakhe akuyona nje ingqophamlando yomuntu siqu sakhe, kodwa ukuzibophezela ekulethweni impilo engcono emphakathini.


“Kuyisithembiso engasenza kimina uqobo nasemphakathini engiwusebenzelayo ukuthi ngizokwenza konke okusemandleni ukuzithuthukisa ngemfundo ukuze ngiwusebenzele kangcono,” usho kanje

Ukuphasa ngamalengiso kukaNgcongo kube ngenxa yokuzikhandla efunda ebe engazibekile eletha intuthuko emphakathini awungamele.


Lokhu kusho ukusebenza amahora ngamahora engaphumuli ngenxa yokulobizela impumelelo elethwa yimfundo.


Uthe ukufunda kungenye yezindlela zokuthumela umyalezo kubantu abasha wokuthi imfundo nobuholi kuyakwazi ukubambisana kunoma yisiphi isigaba sempilo.

Iziqu zikaNgcongo zihlanganisa ukubusa, ezezimali zomphakathi, inqubomgomo, izinsiza, nokuphathwa kwezemisebenzi nokunye okubalulekile ekuphethweni kukamasipala..

Ukulinganisa izifundo namahora okusebenza amade, ngezinye izikhathi afinyelela ezinsukwini ezingama-21 ngaphandle kokuphumula, kudinga ukuzithiba kanye nesakhiwo.