“Amanga anemilenze emifushane” – Phakel’umthakathi
UZIPHENDULELE kwizinsolo ezishaqisayo zokuhlomula uR3 million umholi weNsizwa Nobunsizwa Foundation.
UPhakelumthakathi Ndabandaba uphawule kuFacebook wakhe kafushane kulandela ukuthi umholi weLabour And Civic Organisatio (LACO) edalule izinsolo ezishaqisayo ngomhlangano wodumo obubanjwe uMengameli wezwe uCyril Ramaphosa, uPhakel’umthakathi Ndabandaba noNgizwe Mchunu ngeledlule.
UNdabandaba uthe “Kulungile ngakwelami icala. Ngithi uMvelikuqala ukhona futhi akalenzi iphutha amanga anemilenze emifushane futhi iqiniso liyovela kwabalithandayo”.
Nakuba esho kanje uNdabandaba kodwa uNgizwe naye owayekhona ngalolu suku olukhulu, ubengakathi vu ngalezi zinsolo zikaR3 million.

