Uyangcwatshwa kusasa ‘obulawe ngokushiswa’ ngunina wengane yakhe
UYANGCWATSHWA kusasa ngeSonto osanda kushiswa ngunina wengane yakhe ngoba engasamthandi.
UMzomuhle Shezi (36) waseMakhafuleni eKranskop wehlelwe umshophi ngeledlule ngesikhathi eshiswa ephila nesinqandamathe sakhe uYolaswa Ngubane (33) endlini abebelele kuyona eseFrance eMgungundlovu.
Amaphoyisa abophe unina wengane kaShezi (osesithombeni), uNelisiwe Zililo (36) ngaleli cala waphinda wavela phambi kwenkantolo nokuilapho ethweswe amacala okubulala.
Icala lihlehlele uJuly 24 ukuze kulalelwe isicelo sebheyili kanti umsolwa ungaphakathi.
Okhulumela amaphoyisa eMgungundlovu uSergeant Sifiso Gwala ukuqiniseksile ukuboshwa kukaZililo ngenxa yezinsolo zokuyamanniswa nokushona kwalezi zithandani, wathi amaphoyisa asaqhubeka nophenyo.
Lesi sigameko sishaqe iningi lomakhelwane kule ndawo bekuwulwazi ikakhulukazi njengoba besekulindwe kushaye uSeptember uShezi ayozishaya zonke kubo kaYoliswa amenze unkosikazi wakhe.

