Zizodlana imilala kubhekene abomkhalambazo eNanda
KUZOBA uqina thambo, kuqhume u-kee ai, kuzwakale u-osu ngesikhathi amakarateka amancane namadala angaphansi kweShoman Academy ehlungwa eMzinyathi Hall eNanda ngoMgqibelo ekuseni.
UShihan uSihle Nojiyeza-Nyanda obuye abe ngumphathi wale Academy elwa isitayela seKyokushin-kai uthe balindele amakarateka abalelwa ku-100 njengoba bememe amadojo aseThekwini nakwezinye izindawo.
Uthe balindele izinga libe phezulu kwazise lo mcimbi uzobe uhanjelwe uShihan Jacob Motsuga wasegatsheni lasePretoria, uSensei Chumani Tommy waseCape Town noShihan Martin Nxumalo waseMandeni.
Amadojo aqinisekisile ukuthi azoba ingxenye yomcimbi wangoMgqibelo awaseMatikwe eNanda, uThongathi, eVerulam, Umlazi, eMaphephetheni nabase-YMCA eThekwini.
“Sizobe sihlunga abasuka emabhandeni amhlophe benyukela kwansundu. Sithathe isinqumo sokuhambisa lo mcimbi endaweni esemakhaya ngoba ngibona ukuthi sengathi abawuthandayo abahlala ngakhona, sebeshayeka ngesithende njengoba sekuvamise imicimbi nemiqhudelwano yenziwe ezindaweni zasemadolobheni.
” Sikholwa ukuthi ngokuwuhlela kule ndawo kuzovukuzeka uthando entsheni ukuze iwujoyine,” kusho uShihan Nojiyeza-Nyanda.
Leli karateka elinguthisha lingumengameli we-International Karate Organisation e-Afrika kanti livamise ukumenywa emqhudelwaneni emikhulu eyenziwa ekomkhulu eJapan lapho lesi sitayela sasungulwa khona uMasutatsu Oyama, ohlonishwayo kakhulu emhlabeni ngokuqhamuka nalesi sitayela sokulwa.
UShihan Nojiyeza-Nyanda uveze sebehambise incwadi eyisimemo ehhovisi likaNgqongqoshe weZemidlalo namaCiko uMntomuhle Khawula becela ukuthi ezobuka ikhono entsheni yamakarateka ase-KZN.
Bathi uma ezophumelela bazosebenzisa lelo thutshana ukumchazela ngezingqinamba ababhekana nazo kulo mdlalo abathi unendima enkulu enhle ewudlalayo ekutshaleni isikole sokuhlonipha kumuntu osemncane.
Yize umdlalo womkhalambazo unganakiwe njengonobhutshuzwayo neminye kodwa abawuphilayo bazigqaja ngokuthi awunazo izihibe lapho abantu bakhona betholakala emithonjeni yabezindaba sekubikwa izinto ezingezinhle ngabo.
