Kulindeleke amabhomu kwisithangamu sabaxoshwe kwiMK Party
UDuduzile Zuma-Sambudla uveze ukuthi kulesi sithangamu uzobe ehambisana nozakwabo axoshwe kanye naye uNhlamulo Ndhlela.
Laba bobabili bakhonjwe abafike ngayo maphakathi nesonto lapho unobhala-jikelele weqembu uNomvalo ememezele ukuxoshwa kwabo.
Phakathi kwezizathu eziholele kulesi siqnumo ubale esokuthi badale uqhekeko eqenjini.
Kulesi sithangamu sabezindaba esivezwe uDuduzile kulindeleke amabhomu wodwa njengoba eze wacaphuna inkulumo ka-Amilcar Cabral lapho ethi : “Ungafihli lutho, kubantu bethu. Ungakhulumi amanga. Dalula amanga noma nini lapho ekhulunywa. “

