Ukhale ngendlala usaziwayo oboshelwe ukweba
KUBOSHWE usaziwayo wakuleli nomyeni wakhe eFlorida e-USA ngezinsolo zokweba ukudla ezitolo.
UMelany noPeet Viljoen abake basematheni ngesikhathi besohlelweni iHousewives of Pretoria, balale beboshiwe ngezinsolo zokweba ukudla kwentengo ka-R87,000.
Laba bobabili kuthiwa baboshwe ngemuva kokubanjwa begila umkhonyovu abesebewenze isikhathi ezitolo zokudla.
Ngokwemibiko yeReuters, laba bashadikazi bebengena ezitolo zokudla bese umyeni aphazamise osuke eshaya isisefo semali ukuze unkosikazi yena antshontse.
Kubikwa ukuthi phakathi kwezinto abebezintshontsha kubalwa amanzi abizayo iCoke Zero nokunye okuningi.
Kubikwa ukuthi lomkhuba bese bewugile cishe izinyanga eziyisithupha.
Kubikwa ukuthi ngesikhathi bebanjwa amaphoyisa babike ukuthi lokhu bakwenza ngoba impilo inzima e-USA futhi abakwazi ukuthola amatoho ngenxa yokungabi namaphepha amgunyaza ukuba asebenze.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi behlala kuleli babaziwa ngokuphila impilo yomacaphuna kusale.
Okunye okuhlale obala ngalaba bakwViljoen ukuthi bebevame ukugxeka iNingizinu Afrika bencoma uTrump ngendlela abusayo ngayo.
Laba bafudukela ezweni likaDonald Trump ngemuva kokubalwa ezinsolweni zokukhabanisa, ukweba okucwasa ngokwebala.
