Izindaba

Injabulo Isilo silobola ngezinkomo eziwu-70 undlunkulu uLaMdhluli

ISILO samaZulu uMisuzulu kaZwelithini sizishaye zaphelela izinkomo za,alobolo eziwu-70 silobola uNdlunkulu omusha ceke.


INdlulamithi igile izimanga iloboba iNdlovukazi uSihle KaMawewe Mdhluli esigodini saseMgobodzi eKomatipoort esifundazweni saseMpumalanga, sekuphele iminyaka cishe  emibili ngemuva kokuthi simethe okokuqala esizweni.


Isilo sivele sishade neNdlovukazi uNtokozo Mayisela waseNewcastle, iNdlovukazi uNozizwe Mulela waseSwatini  neNdlovukazi uNomzamo Myeni waseJozini, njengoba sesilobole uLaMdhluli.

Kulo mcimbi, ithimba leSilo beliholwa ngundunankulu omusha iNkosi Phathisizwe Chiliza ehambisen oMntwana uHlangabeza, uMntwana uVumile, inkosi uMakhosikhosi Khumalo ukubala abambalwa.


ULaMdluli wathola igama elithi Mawewe kuyise kanye nakumkhulu wakhe u-HRH inkosi uKhulile Mkhatshwa wegunya lendabuko laseMawewe.

UMawewe wayeyindodana yeNkosi uSoshangane Nxumalo ayithole kumkakhe owayeyiSwati.

Wayengumholi wombuso waseGaza futhi kamuva waya eSwaziland lapho iNkosi uMswati 1 yamnika khona umhlaba. 


Walwa nabo bonke abafowabo kuhlanganise noMzila owazalelwa kunina ongumTsonga kamuva owahlala eTransvaal.

UMawewe wabe esesebenzisa isibongo esithi Mkhatshwa.

ULaMdluli uneziqu ze-Bachelor of Science in Engineering eNyuvesi yaseWits.