Izindaba

Igwetshwe iminyaka indoda edlwengule enye

IGIXABEZWE ngenqwaba yeminyaka idonsa ejele indoda elahlwe yicala lokudlwengula enye.


Inkantolo yemantshi ePretoria igwebe uNeil Klein (47) waseKapa iminyaka ewu-20 ejele ngqo.

UKlein ugwetshwe ngokudlwengula indoda eneminyaka engu-32 kanye neminyaka emihlanu ejele ngokuzama ukudlwengula indoda eneminyaka engu-43. 


Inkantolo iphinde yammemezela ukuthi akafanele ukuba nesibhamu.


Umbiko wenkantolo uveze ukuthi uKlein kanye nezisulu zombili babehlala endaweni yokukhosela e-Akasia ngesikhathi sezehlakalo. 


Ngo-July 2023, isisulu esineminyaka engu-43 saya endlini yokugeza lapho sahlangana khona noKlein. UKlein wasongela isisulu, wavala umnyango, wazikhumula. 


Lesi sigameko saphazanyiswa wukuthi kube nothile engqongqoza emnyango. 


NgoNovember 5 2023, isisulu esineminyaka engu-32 saya endlini yokugezela, lapho sahlangana khona noKlein. 


UKlein wasisongela, wasiyala ukuba sikhumule izingubo, wabe eseqhubeka nokumdlwengula ngokumfaka endunu. 


Ngemva kokuhlaselwa, uKlein washiya isisulu endlini yokugezela. Ngemva nje kwesigameko, isisulu esineminyaka engu-32 sabika udaba kowesifazane owayesebenza njengompheki endaweni yokukhosela. 


Lapho ezwa ngalesi sigameko, lo owaba yisiisulu sokuqala esineminyaka engu-43 saveza nokuthi kwenzekeni kuye. 


Indaba yabikwa emaphoyiseni ngalolo suku, kwathi uKlein waboshwa endaweni yokukhosela ngosuku olulandelayo.

Enkantolo, uKlein wavuma icala, ethi isisulu esineminyaka engu-43 sasiqamba amanga ngoba simkweleta imali. 


Kodwa-ke, uMshushisi Wombuso u-Adv. Njengoba uTwala eveze ubufakazi obuqanda ikhanda, okuhlanganisa nobufakazi obuvela kuzo zombili izisulu, obufakazela ukuthi uKlein unecala ngaphandle kokungabaza.

Ikhipha isigwebo imantshi ivumelane noMbuso, kulandela ukuthi bethola ukuthi uKlein akazange abe nokuzisola.