Ezokokungcebeleka

Usengcupheni yokudlelwa umuzi usaziwayo

ANGASE adlelwe umuzi kanokusho usaziwayo wakuleli ngenxa yokwehluleka wukukhokha.


UBoity ungomunye wosaziwayo abangaconsi phansi kuleli ngenxa yobuciko bokwethula izinhlelo, ukuba ngumrepha, usomabhizinisi nesangoma.


Ngokombiko weDaily Sun, uBoity wathenga indlu yakhe enkulu eCenturion ngemali engaphezu kuka-R4.2 million ngo-2021.

Le ndlu kubikwa yabhaliswa ngaphansi kwegama lakhe ngoMarch 2022.


Umbiko uqhuba uthi waboleke imali kwaLeemark Financial Services ukuze baxhase ukuthengwa kwalo muzi. 


Le nkampani isifake isicelo sesinqumo ngemuva kokuba uBoity ehlulekile ukukhokha imali mboleko.


Imibiko ithi uBoity ukhokhe u-R3.7 million (R3 708 187,00) futhi wehluleka ukukhokha okusele okuyimali engaphezu kuka-R400 000 (491 813,00).

Sekungumlando ukuthi uBoity wathenga umuzi wakhe wokuqala ngqa ngo-2016 kanti l;o osengcupheni yokudliwa ungowesibili.


Ngesikhathi ethenga, wayeneminyaka engu-26 ubudala.