Izindaba

Kuhlwe emini kwabasolwa ngokufa komshayeli wetekisi

ABASOLWA ngokubulala umshayeli we-uber bazovela phambi kwenkatolo yemantshi e-Atteridgeville Magistrate’s Court ngoMsombuluko.


Laba basolwa okungowesifazane nowesilisa baboshwe ePitoli izolo ngemuva kokusabalala kwe-video yalesi sehlakalo eishaqise abaningi.


Amaphoyisa akuqinisekisile ukuboshwa kwalaba ababili mayelana nokubulawa ngesihluku komshayeli we-e-hailing ePretoria West kuleli sonto, njengoba abaphenyi beqhubeka nokufuna abanye abathitekayo.

Ngokombiko, umshayeli oneminyaka engu-22 ubudala uhlaselwe wabulawa ngaphakathi emotweni yakhe ngemuva kokwamukela isicelo sokugibela endaweni yasePitoli West ngoFebruary 11 2026.

Ivideo ye-dashcam esabalele ezinkundleni zokuxhumana iveze umshayeli ehlaselwa abagibeli ababili. 

Isidumbu salo mshayeli sitholakale e-Atteridgeville eceleni kwemoto entshontshiwe.

Amaphoyisa aseGauteng aqale abopha umsolwa wesifazane okulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville ngamacala okuntshontsha imoto nokubulala.

NGemuva kwesikhathi abomthetho baqinisekisile ukuboshwa komsolwa wesibilith kanti umsolwa wesithathu usagcwele amathafa.

Amaphoyisa anxuse noma ngubani onolwazi olungasiza ekuxazululeni icala aphumele obala njengoba uphenyo luqhubeka.