Bathelwe othulini abahlalise umphakathi lubhojozi eNanda
AMAPHOYISA ayise kwagoqanyawo abasolwa abane eMatikwe eNanda.
Laba basolwa bebefunwa uthuli ngamaphoyisa ngenxa yamacala okubulala, ukuzama ukubulala kanye nokubamba inkunzi behlomile.
Umbiko wamaphoyisa uveze ukuthi amaphoyisa abelandela umkhondo owaholele lapho bebelibangise klhona eMatikwe izolo ngoLwesibili.
Ngesikhathi sokuphenywa kwendawo yesehlakalo amaphoyisa athole izibhamu ezintathu.
Laba basolwa bahlobene nokubulawa konogada ngempelasonto edlule.
Wagwazwa waphangwa ngesikhathi eya emsebenzini.
Amalungu e-SAPS Inanda Task Team kanye ne-Provincial Tracing Team muva nje abematasa ngemisebenzi endaweni yase-Nanda, nokuyindawo edumile okucasha kuyona ogalakajane.
