Isihluku iloli lamanzi ligayisa ‘libulala’ umuntu
UMSHAYELI weloli elithwala amanzi likaMasipala weTheku usolwa ngokupitshiza agandaye umuntu ngalo iloli e-Adams eThekwini.
Imibiko ehambisana ne-video esabalele ezinkundleni zokuxhumana iveza ukuthi umshayeli weloli kuthiwa ubebalekela umphakathi obumhubha.
Ngokwemithombo ebisendaweni yesigameko, kuthiwa umshayeli ubebalekela isixuku sabantu bendawo ebesifuna ukumudla luhlaza ngenxa yendaba yamanzi.
Ekuzameni kwakhe ukubaleka ube esegibela phezu komuntu oqhamuke phambi kwalo iloli lamgandaya wafa.
Kwi-video liyabonakala iloli limshayisa lize ligibele kumufi kabili maqede libaleke ngesikhulu isivinini.
Kushaye isikhathi sokuloba umasipala ungakaphawuli ngalesi sehlakalo.

