Izindaba

IMeya yeTheku ihambele umndeni woshayiswe yiloli lamanzi

UMASIPALA waseThekwini uthembise ukuthi uzokwelekelela ezinhlelweni zokungcwatshwa komlisa ogayiswe yiloli lamanzi namuhla ku-ward 96 e-Adams Mission eThekwini.


Lezio zindaba zivele ngesikhathi iMeya yeTheku uCyril Xaba noSomlomo uThabani Nyawose bavakashele umndeni kaCelani Zungu obulawe imoto yamanzi..

Laba baphinde badlulisa amazwi enduduzo kulo mndeni.

Lesi sehlakalao esishaqise abaningi senzeke ngesikhathi umphakathi ukhala ngamanzi osuwantule isikhathi eside kule ndawo.

Ezakamuva zithi ngemuva kwalesi sehlakalo. abanzi aqalile aphuma empompini yendawo nokuyinto esamangaze abanningi nedidayo.

UMasipala weTheku uqinisekise ukuthi amaphoyisa avule icala kanti uphenyo lusaqhubeka wase unxusa umphakathi ukuba ungasabalalisi ivideo enalengozi ezinkundleni zokuxhumana ngenhlonipho kumufi nomndeni wakhe.