Ukhihla esikaNandi oqolwe yisoka elisha u-R2 million
KUSOLWA isoka elisha ngokushiya owesifazane ekhala ezimathonsi ngemuva kokuqolwa isamba sikaR2 million.
OKlebe kumanje bathungatha amadoda amathathu njengangaba nosizo ekusombululeni icala lokuqolwa kowesifazane oneminyaka ewu-52 yisoka lakhe elisha.
Kuthiwa ngo-August ngonyaka owedlule lo wesifazane wahlangana nendoda eKlerksdorp, eyazethula yathi iwu-Emmanuel Jackson Kigezi.
Emuva kwalokho base beyajola kanti uthando lwabo lwaluvutha amalangabi.
Emmanuel wakhombisa lo wesifazane ukuthi ushiyelwe ifa lika R14 million, wathi badinga u R1.2 million ukuze bakwazi ukukhipha lo R14 million.
Nangempela lo wesifazane wasula emsebenzini wathola impesheni yakhe ka-R2.5 million wasefaka u-R2 million kwi-akhawunti ayeyinnikwe yileli soka lakhe elisha, u-Emmanuel.
Wathi eseyifakile imali wanyamalala u Emmanuel, akaphindanga wambona.
Kuthiwa lamadoda amathathu ayafuneka ukuze asize amaphoyisa kulelicala

