Izindaba

Selukubameli udaba lukaJacinta ne-ANC

UMSAKAZI osanda kuxoshwa uJacinta Ngobese-Zuma useyalele ithimba labameli bakhe ukuthi lithathele izinyathelo i-African National Congress KwaZulu-Natal (ANC KZN).


Esitatimendeni asikhiphile uthi i-ANC ikhiphe isitatimende esilulazayo nesihlanekezela isimo sokuphuma kwakhe kuVuma FM.

Lokhu kulandela isitatimende esikhishwe yi-ANC e-KZN enesihloko esithi : “I-ANC KZN iyasamukela isimemezelo seVuma FM ngenkontileka kaNgobese-Zuma futhi ixwayisa ngokuhlukunyezwa kwabaholi bayo emphakathini,”

Kulapho i-ANC iphendule izinsolo eziyamaniswa uNgqongqoshe wezeMpilo uNomagugu Simelane nokuxoshwa kukaJacinta.

UNgobese-Zuma uchaze isitatimende se-ANC njengesidukisayo nesilimaza isithunzi sakhe.

“Lesi sitatimende asigcini nje ngokudumaza, sigcwele izinkulumo ezidukisayo ezinomthelela ekucekeleni phansi igama lami, ikakhulukazi uma umusho obambekayo ungahlangani nokuqukethwe esitatimendeni,” kusho yena.