Usopolitiki ogulayo ucela iminikelo emphakathini
ISISHOSHOVU sezepolitiki sizidele amathambo sacela iminikelo emphakathini ukuhlangabeza izindleko zokwelashwa esibhedlela.
U-Anele Mda owagqama kakhulu kwi-ANC, COPE ngaphambi kokuzimela geqe, uveze ukuthi ucela usizo lweimali ewu-R195,000 ukuze akwazi ukuthi ahlinzwe.
KuFacebook unameke imininingwane yakhe yasebhange alisebenzisayo iCapitec kulabo abangakwazi ukwelula isandla bamlekelele.
Udalule ukuthi impilo yakhe iqale ibe nezinkinga kusukela nyakenye nakuba kwakungabonakali kungaba yingozi.
” Izimpawu zaqhubeka zanda kwaze kwaba yilaphongiquleka nnawumoya.
” Lokhu kwaholela ekungenisweni esibhedlela, lapho odokotela bethola ukuthi kukhona isifo esingabeka impilo engcupheni kwadingeka ukuhlinzwa okuphuthumayo,” kubhale u-Anele.
Uqhube wathi ngemuva kokuhlinzwa, izinkinga zanda wachitha izinyanga ezimbili esibhedlela.
Uveze ukuthi ekuqaleni waphinda wangeniswa esibhedlela ngenxa yokopha okwakunganqamuki emakhaleni eseshaywa nayisifo nesifo sohlangothi kancane.
” Odokotela bathola ukuthi kukhona inkinga esibindini nazigaxa ezizungeze umhlwehlwe okwakolela ekuhlinzweni okuphuthumayo,” kubhala u-Anele.
Selokhu aqala ukugula usekhokhe imali elinganiselwa ku-R450,000 kanti ne-medical aid isikhokha ingxenye ethile kuphela.
Iminikelo izosiza enjengoba odokotela baphakamise ukuthi ahlinzwe ngokushesha kususwe lezi zimila ukuze igazi likwazi ukugeleza kwegazi ngendlela.

