Izindaba

Isiphinde yalaxazwa ngesinye isethenjwa i-ANC

ISIPHINDE yagqemeka olungeqiwa ntwala i-ANC ilaxazwa owayeyiPhini likaMeya woMasipala weSifunda sase-Ugu eningizimu yeKwaZulu-Natal.


UMandla Chiya (osesithombeni), usevele wanquma ukuyilaxaza ngokukhulu ukuzuma i-ANC.

Encwadini yakhe yokwesula, uChiya ukhulume ngokuhlukana kwamaqembu, inkohlakalo kanye nokuphanga imali yomphakathi ngamalungu aphezulu eqembu elibusayo langaphambili.

Uphinde wasola i-ANC ngokuba yibhoklolo elihlukumeza labo abakuhulumeni.


Uqhube  wathi unobhala wesifunda usebenzisa kabi amandla akhe ukuqoka izikhulu ezingakwazi ukusebenza kuhulumeni.


Kwenzeka lokhu nje izolo owayeyimeya yeTheku uZandile Gumede ushiye i-ANC wajoyina uMkhonto weSizwe Party.