Sibona sengathi sizoxoshwa eqenjini isethenjwa seMK Party
ILUNGU eliqavile loMkhonto WeSizwe Party (MKP) selizwakalise ukuthi lingase lixoshwe kuleli qembu.
Lokhu kuvezwe uDudu Zuma-Sambudla ubhale ku-X (obuwaziwa ngelikaTwitter) lezi zindaba ezingemvunge ngokuxoshwa kwakhe.
Uthe : ” Njengelungu elijwayelekile le-MK, ngizwa kunokububula ngencwadi engase Ingixoshe ngenxa yokwethembeka nokuhlonipha abantu bethu !!!”
Uqhube wathi lokhu kusho ukuthi wonke amalunngu aveza imibono yawo ngokwethembeka nangenhlonipho kufanele axoshwe.
Ubhala kanjena nje uDudu, leli qembu lisanda kufaka amasondo uNhlamulo Ndhela esikhundleni abesiphethe sokukhulumela iqembu.
Sekungumlando ukuthi lokho akumphathanga kahle uDudu njengoba besondelene kakhulu.

