Umphakathi ubhikishela ukuncishwa amanzi wumasipala weTheku
KUME nse yonke into eMophela ngaseHammarsdale ngenxa yomphakathi okhala ngokuphela amanzi.
Umphakathi wakule ndawo ukhala ngokuthi sesiside isikhathi amanzi aphela futhi kubukeka kungekho isixazululo kule nkinga.
Lokhu sekwenze ukuthi uvale imigwaqo njengendlela yokubhikishela lezi zidingo.
Umgwaqo ongakwaMaheshe nokuyiwo omkhulu kule ndawo uvalwe ngamathayi, izihlahla kani kubaswe nengomane yomlilo ukuvimba ezokuthutha.
Lokhu kungahle kuphazamise nabazogcwaba emathuneni angaphakathi eMophela.
Kule ndawo kungcwaba abantu abaqhamuka eMpumalanga Township, Georgedale, Cato Ridge, Camperdown, Woodyglen nezinye ezingomakhelwane.
