Umlando kuboshwa owasendlunkulu
ITHELEKE ngehlazo iNdlunkulu yamaNgisi amaphoyisa ebopha ilungu lomdeni ngezinsolo ezishaqisayo.
U-Andrew Mountbatten-Windsor, ongumfowabo omncane weNkosi uCharles III, uboshwe ngezinsolo ngokuziphatha kabi ehhovisi likahulumeni.
Ngokombiko weCNN, amaphoyisa awavezanga ukuthi yini eholele ekuboshweni kwakhe.
Sekungumlado ukuthi ukuthi u-Andrew uchithe iminyaka eyishumi njengesithunywa sezohwebo sase-UK.
INkosi uCharles III ithe izwile ngokuboshwa futhi yagcizelela ukuthi “umthetho kumele weze okufanele.
U-Andrew ungowokuqala wasebukhosini waseBrithani ukuboshwa eminyakeni ecishe ibe ngu-400.
Amaphoyisa ngaphambilini athi abukeza izinsolo zokuthi kunowesifazane owashushumbiswa e-UK nguJeffrey Epstein ukuze abe nobudlelwano bocansi no-Andrew.
Kuthiwa futhi wadlulisa ulwazi oluyimfihlo no-Epstein ngenkathi esebenza njengesithunywa.
Lo owayeyinkosana uziphikile zonke izinsolo ezibhekiswe kuye futhi wagcizelela ukuthi akakaze abone noma asole noma yikuphi ukuziphatha u-Epstein asolwa ngakho.
Akazange aphawule esidlangalaleni ngalezi zinsolo zakamuva zokungaziphathi kahle ehhovisi likahulumeni.
