Ezomnotho

Ingqophamlando oweCebolethu eba ngumholi embonini yabangcwabi

KUQOPHEKE umlando usomabhizinisi waseHammarsdale eba ngowokuqala ngqa wesifazane onsundu ukunqoba kwesobumengameli enhlanganweni yabangcwabi kuleli.

UNomfundo Mcoyi we-Icebolethu Group umenyezelwe njengoMengameli weSouth African Funeral Practitioners Association (SAFPA).

Lokhu kulandela ukudla umhlanganiso wokhetho obelwengamelwe ngabakwa-IEC.

UNomfundo uzwakalise ukubonga ngokwethenjwa ngozakwabo kule mboni ngesikhathi azisa abantu kuFacebook wakhe.

” Ngemuva kokulinda ubusuku bonke ukuthola imiphumela, namhlanje ekuseni ngo-4:30 ekuseni, i-IEC imemezele ukuthi ngingumongameli wokuqala wesifazane weSAFPA. 


“Kuyilungelo kimi ukuthenjwa ukuhola inhlangano enkulu kangaka esengiyisebenzele iminyaka engu-15. Udumo lonke olwakhe.”